bakithi, angizami ukuphikisana nempucuzeko ekhona ezweni, kodwa manje indlela esekwezeka ngayo iyathusa. Ngisho ngoba osisi sekusele kancane nje ukuthi sibabone bezihambela benqunu, indleal abagqoka ngayo ayiniki ukuphumula, bakwethu umuntu ongashelwa noma oshimile okanye ufunwa ukubukwa angicabangi ukuthi kuyicebo elihle ukuthi asivezele umzimba wakhe. angazi noma nginamanga yini bakwethu.
kuyongijabulisa ukuzwa uvo lwenu.
Thursday, 2 June 2011
Wednesday, 1 June 2011
ngiyanibingelela
Vulani.
Sengifikile ,ngifika kabi sebevala ngaphenduka umafika lishona
Awumadoda vulani sengifikile.
Sekufike mina umbotozi wentombi kukhale unina.
Mina msheli wentombi isoka lisayochama .
Madoda vulani.
Vulelani umqhathi wentombi nesoka
Umsiki wemidikizo es’fubeni sendoda ilele es’khotheni
Awu bakithi vulani amasango!
Kusho mina, ipikapikane bethi isinokwe namhlanje bakhexhe imilomo
Kuseyimina umudemude sbhamu seziyoni .
Bathi inja ka Dlamini ekhokotha izikhawu ,awubheke ixhawula amagatsha
Umubuki wemi sululu ukhakhayi
Ntombi yase Thekwini imucela uxolo kanti ifuna ukumxoxela ifihlo
Umshayi wekhalanga kuyaluze umetro .
Ukulunga kwebhungu kuyalisebenzela ngoba zoke izalukazi zifisa ukuba umligani kanina umaMzila.
Vulani
Kusho mina isizukulwane soma Hleza
Subscribe to:
Posts (Atom)